Into ebaluleke kakhulu nganoma iyiphi IPHOLISI YOSIZO LOKUNGCWABA/IPHOLISI ENKULU (MASTER POLICY) ukuthi leyo pholisi kufanele ibe ngaphansi kwenkampani yomshuwalense erejistwe isikhathi eside. Lokhu okokuqinisekisa ukuthi ilungu liqinisekisiwe ukuthi liyothola imali yosizo lapho liyicela uma kwenzeka lesi sehlakalo esidinga umshwalense (ukufa).
UMNIKAZI WEPHOLISI/ILUNGU kufanele lihlinzekwe NGESITIFIKETI SOBULUNGU. Lesi sitifiketi kufanele silisho silicacise igama lenkampani enikezela ngepholisi; imali ekhokhwayo; izinzuzo ezikhokhwayo; izinqubo zokucela imali nolunye ulwazi olubalulekile ngePHOLISI ENKULU. IPHOLISI ENKULU kufanele ikusho kucace ukuthi abangcwabi noma ababasebenzelayo abaqashiwe yinkampani yepholisi, ngakho-ke akusibo abakhokhela le pholisi.
Kubalulekile kubanikazi bepholisi ukuthi bazi ukuthi bangakhetha ukuthatha izinzuzo zepholisi njengenzuzo yomsebenzi wokungcwaba noma ukuthi bathole imali ewukheshe.
Isitifiketi kufanele sichaze yonke imininingwane edingekayo kuMnikazi wepholisi/Elungwini njengokuthi nje kuqala nini ukukhokha nokukhokhelwa; yini ekhokhelwayo yini ENGAKHOKHELWA; izikhathi zokulinda njll.
Kushiwo umqulu osemthethweni okhishwa yinkampani onemininingwane yezinzuzo, amanani, imithetho nezimo futhi unenombolo yomshuwalense, okufanele ibonakale esitifiketini sobulungu.
Umbuthano Wobungane isikhungo sezezimali esakhiwa yiqembu labantu abanezidingo ezithile, abakhipha imali bese beyilondoloza ndawonye ukuze basizane ngezimali ezidingweni ezithile, njengomngcwabo. Inzuzo enkulu i-R5000.
Umbuthano Wobungane akusilo ibhizinisi lokwenza inzuzo, kodwa inzuzo eyenziwe kuleyo mali elondolozwa ngamalungu bahlukaniselana yona.
Kufanele uphikelele ukuthola lesi sitifiketi ukuze uqinisekise ukuthi uyilungu. Lesi sitifiketi kufanele sikukhombise yonke imininingwane yepholisi yakho.
Lokhu kusho inkampani egunyazwe yinkampani yomshuwalense ukuthi iyithengisele umshwalense egameni layo.
Inkampani yomshuwalense yesikhathi eside ebhalise neBhodi Yezinsiza Zezezimali emukela imali oyikhokha ngenyanga futhi ebhekana nomsebenzi wokukhokha izinzuzo uma kwenzeka kuba nokufa.
Lokhu kusho wena njengelungu elikhipha imali ekhokhelwa abantu obakhethile kupholisi.
Imali oyikhokha lapho othathe khona umshwalense njalo ngenyanga..
Lona ngumuntu ozimele wena njengelungu ongamthinta uma ungajabule ngempendulo lapho othathe khona umshwalense. Imininingwane yokumthinta ikhonjiswe esazisweni esisemthethweni nangemuva kwaleli khasi lale ncwajana.
Inkampani yomshuwalense izobala izimo noma izifo kupholisi okungenzeka ukuthi uma ziholela ekufeni komuntu ofakwe kupholisi, kungabi bikho nzuzo ekhishwayo.
Imp: Ubufakazi kufanele abunikeze umuntu othengisa umshuwalense futhi zifanele zibe sefomini.lokufaka isicelo kanye nasesitifiketini sobulungu esikhishiwe.
Imp: Lena imali ozoyikhokha futhi ifaka zonke izimali izindleko ezizobizwa kuwe nezimali. Lezi zimali obizwa zona kufanele zivezwe zicace.
Umb: Ngabe ngikhokha ngenyanga, ngekwata noma ngonyaka?
Imp: Kumele uthole ukuthi uzokhokha nini uma sekufanele ukhokhe..
Umb: Ngabe ngikhokhela phambili noma ngisalela emuva?
Imp: Kufanele uthole ukuthi ingabe kufanele ukhokhe ekuqaleni kwenyanga yini noma ekupheleni kwenyanga.
Umb: Uma ngikhokha ngokheshe ngabe ngiyayithola irisidi?
Imp: Yebo, kumele kube irisidi elisemthethweni.
Umb: Ngabe le mali ekhokhwayo ngenyanga izokhuphuka esikhathini esizayo?
Imp: Imali ekhokhwayo ingakhuphuka uma ngabe kufakwe izicelo eziningi kule pholisi.
Umb: Le mali ekhokhwako iqinisekiswe isikhathi esingakanani?
Umb: Ngabe uqala nini umshuwalense wami?
Umb: Kwenzekani uma ukufa kubangwe yingozi?
Imp: Esikhathini esiningi isikhathi sokulinda asisebenzi uma umuntu eshone ngengozi.
Umb: Ingabe zikhona izinto ezikhishelwe ngaphandle?
Umb: Kwenzekani uma ngeqa isikhathi sokukhokha noma ngiyeka ukukhokha?
Imp: Angeke usaba ngaphansi komshuwalense futhi uma uqala ukukhokha futhi, kungenzeka isikhathi sokulinda siphinde sisebenze futhi.
Umb: Ngabe ukuba ngaphansi komshuwalense kuphela nini emuntwini ngamunye?
Umb: Ngabe ngiyabuthola ubufakazi bobulungu?
Imp: Kumele uthole Isitifiketi Sobulungu, isifingqo sokuthi obani abakuloyo mshwalense, imali ekhokhwayo, zonke izikhathi zokulinda kanye nalokho okukhishiwe kupholisi.
Imp: Yebo, ungayikhuphula inzuzo kupholisi yakho uma i-Master Policy ivuma, noma nini, lokhu kuyokhuphula nemali oyikhokha njalo ngenyanga. Okukhishiwe nezikhathi zokulinda kungasebenza enzuzweni ekhushuliwe.
Umb: Ngabe ngisifaka kanjani isicelo semali uma kushoniwe?
Imp: Inqubo yokucela imali kufanele uyinikezwe ngokugcwele emithethweni nasezimeni zepholisi.
Imp: Ungayicisha ipholisi yakho kungakedluli izinsuku ezingama-30 zokukhokha imali yakho yokuqala futhi uthole yonke imali yakho uma kungukuthi ubungakafaki isicelo semali yomngcwabo. Emva kwalokho ipholisi ingacishwa noma kunini, kodwa imali obuyikhokha ngenyanga angeke ibuyiswe.
Imp: Lokhu kungenziwa, kodwa kufanele waziswe futhi waziswe ukuthi kubathinta kanjani abantu ebebekuleyo pholisi esikhathini esedlule, ngakho konke lokhu okungenhla. Kufanele inkampani entsha ikunike isitifiketi sobulungu. Uma ucabanga ukuthi awukho esimeni esilinganayo noma esingcono, kufanele uthinte inkampani ekhona njengamanje ngokushesha.
Umb: Kwenzekani uma unesikhalo noma umbuzo?
QAPHELA: Imininingwane ye-Ombudsman kanye neye-FSB kumele ibe seSitifiketini seLungu futhi ibe semuva encwajaneni yolwazi.
